Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 USarayi umka-Abrama wathatha uHagari incekukazi yakhe umGibhithe, emva kokuba u-Abrama esehlale iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani, wamnika u-Abrama indoda yakhe ukuba abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kuthe lapho u-Abhrama esehlale iminyaka elishumi eKhanani, uSarayi umkakhe wathatha incekukazi yakhe uHagari, umGibhithe, wayinika umyeni wakhe ukuba ibe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:3
15 Referans Kwoze  

USarayi wasesithi kuAbrama: Ububi bami buphezu kwakho; nginikele incekukazi yami esifubeni sakho; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, ngadeleleka emehlweni akhe; uJehova makahlulele phakathi kwami nawe.


Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


UDavide wathatha ezinye izancinza nabesifazane eJerusalema ngemva kokufika kwakhe evela eHebroni, uDavide wazalelwa amadodana namadodakazi amaningi.


U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;


Wavuka ngalobo busuku, wathatha abafazi bakhe ababili nezincekukazi zakhe ezimbili namadodana akhe ayishumi nanye, wadabula isigodi saseJabhoki.


ULeya esebonile ukuthi usebelethile, wathatha uZilipa incekukazi yakhe, wamnika uJakobe abe ngumkakhe.


Wamnika uBiliha incekukazi yakhe ukuba abe ngumfazi; uJakobe wangena naye.


U-Esawu waya ku-Ishmayeli wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe, abe ngumkakhe.


Kepha amadodana ezancinza u-Abrahama ayenazo, u-Abrahama wanika izipho, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga, ezweni lasempumalanga.


Wangena kuHagari, wakhulelwa; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.


U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.


Wahlala ehlane lasePharanu, unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite