Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa abantu baseSodoma babebabi kakhulu futhi beyizoni kakhulu phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:13
27 Referans Kwoze  

Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;


Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.


Kanjalo namadoda ayeyeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, asha ngokukhanukelana; abesilisa benza okuyichilo namadoda, bezuza kubo imbuyiselo efanele yokuduka kwabo.


Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.


INkosi yasisithi: Ngoba isililo seSodoma leGomora sikhulu, langoba isono sabo sinzima kakhulu;


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni;


Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abathelisi abaningi nezoni, bahlala naye nabafundi bakhe.


Ukube uJehova Sebawoti ubengasishiyelanga insali encane, ngabe sifana neSodoma, sifana neGomora.


Futhi wadabulisa indodana yakhe emlilweni, futhi wagcina izikhathi futhi esebenzisa imilingo futhi esebenzelana nemimoya yemvelaphi kanye nabathakathi; wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova ukuba amcunule.


UJehova wakuthuma endleleni, wathi: ‘Hamba ulethe izoni, ama-Amaleki, ngesiqalekiso, ulwe nawo aze aphele.


U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala.


Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.


Wayeyiphisi elilamandla phambi kweNkosi; ngakho-ke kuthiwa: NjengoNimrode, umzingeli onamandla phambi kweNkosi.


Umhlaba wawonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi umhlaba wawugcwele ubudlwangudlwangu.


Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu;


akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?


Kepha uma ningakwenzi lokhu, bhekani, nonile kuJehova; futhi uqiniseke ukuthi isono sakho siyakuthola.


Ngokuba siyakuyichitha le ndawo, ngokuba isikhalo ngabo sesisikhulu phambi kukaJehova; uJehova wasithuma ukuba silichithe.


Ngakho isono sabafana saba sikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngoba abantu babewuzonda umnikelo kaJehova.


Ngabona futhi into embi kubaprofethi baseJerusalema: bayaphinga, bahamba ngamanga; baqinise izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi nabakhileyo kulo njengeGomora.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite