Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Abrama wadabula izwe waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini laseMore. AmaKhanani ayekhona ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:6
20 Referans Kwoze  

Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;


Azikho yini ngaphesheya kweJordani endleleni eya ekushoneni kwelanga ezweni lamaKhanani akhileyo ekamu malungana neGiligali ngasemathafeni aseMore na?


Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi.


UJerubali, onguGideyoni, namadoda onke ayenaye, bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; impi yamaMidiyani yayisenyakatho yabo ngasegqumeni laseMore esigodini.


Kwaba khona ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bemfuyo kaLoti; kwase behlala ezweni amaKhanani namaPherizi.


Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi.


Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.


Futhi lapho uJerobowamu eya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wafika eShekemi ukumbeka inkosi.


U-Abimeleki indodana kaJerubali waya eShekemi kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nakuwo wonke umndeni wendlu kayise, wathi:


Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.


Babeka iKedeshi eGalile entabeni yakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyatarba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.


UShekemi indodana kaHamori umHivi, umbusi wezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wangcolisa.


UJakobe wafika eSalema, umuzi wakwaShekemi, osezweni laseKhanani, ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.


UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


UJerobowamu wakha iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala kulo; waphuma lapho, wakha iPnuweli.


UNkulunkulu wakhuluma ebungcweleni bakhe; Ngiyakuthokoza, ngilihlukanise iShekemi, ngilinganise isigodi saseSukoti.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.


Futhi njengoba uquqaba lwabaphangi luqamekela umuntu, kanjalo uquqaba lwabapristi lubulala ngokuvumelana endleleni, ngoba benza ihlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite