Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 12:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 U-Abrama wayesesuka, njengalokho uJehova eshilo kuye; uLoti wahamba naye, u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu ekuphumeni kwakhe eHarana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 U-Abhrama wayeneminyaka engama-75 ngesikhathi eqala uhambo lwakhe njengalokhu uSimakade ayemtshelile; wahamba noLothi, balifulathela iHarana.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 12:4
10 Referans Kwoze  

Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti, indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe; basuka kanye nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bahlala khona.


Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.


Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje.


Ngakho-ke esebekezele wazuza isithembiso.


USarayi umka-Abrama wathatha uHagari incekukazi yakhe umGibhithe, emva kokuba u-Abrama esehlale iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani, wamnika u-Abrama indoda yakhe ukuba abe ngumkakhe.


U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.


Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo, iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nanhlanu.


UJakobe wasuka eBherisheba waya eHarana.


Naye uLoti, owayehamba no-Abrama, wayenezimvu nezinkomo namatende.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite