Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 11:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 11:4
17 Referans Kwoze  

Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.


Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?


Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo.


Inkosi yasikhuluma yathi: Leli akusilo iBhabhiloni elikhulu engilakhele indlu yombuso ngamandla ami lodumo lobukhosi bami yini?


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.


Zwana, Israyeli, uyakudabula iJordani namuhla ukungena ukudla izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu ebiyelweyo kuze kufike ezulwini;


UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe ekubulaleni ama-Aramu esiGodini Sikasawoti, abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.


Umuthi wakhula waba namandla, ukuphakama kwawo kwafinyelela ezulwini, nobuso bawo emikhawulweni yomhlaba wonke.


Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.


Nguwe, nkosi, owakhula waba namandla, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bafinyelela emazulwini, nombuso wakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, ngokuba bheka, izitha zakho ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.


Benyukela ezulwini, baphinde behlele ekujuleni; umphefumulo wabo uyancibilika ngenxa yosizi.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, noma liqinisa indawo ephakeme yamandla alo, nokho abachithi balo bayakufika phezu kwalo bevela kimi,” usho uJehova.


Ngakho-ke, nkosi, makwamukeleke iseluleko sami kuwe, wephule izono zakho ngokwahlulela nobubi bakho ngokuhawukela abampofu; uma kungase kube ukunwetshwa kokuthula kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite