Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 10:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalokho izizwe zahlukaniswa emhlabeni emva kukazamcolo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 10:32
12 Referans Kwoze  

Lawa angamadodana amathathu kaNowa, futhi wonke umhlaba wasakazwa kuwo.


Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;


Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa, oShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa wona emva kukazamcolo.


UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe umhlaba wahlukaniswa; igama lomfowabo lalinguJoketan.


Lawa angamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.


Nina-ke, zalani, nande; nithele izithelo ngobuningi emhlabeni, nande kuwo.


UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.


Lawa angamadodana kaShemi ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo ngokwezizwe zawo.


Umhlaba wonke wawululimi lunye nezwi linye.


Ngalokhu iziqhingi zabeZizwe zahlukaniselwa amazwe abo; yilowo nalowo ngokolimi lwakhe, ngemindeni yabo, ngokwezizwe zabo.


Laphiwa bona kuphela umhlaba, njalo kakho owemzini owadabula phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite