Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:27
20 Referans Kwoze  

Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na?


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.


Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.


nembathe umuntu omusha, owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.


Ngifuna ukukudumisa; ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; iyamangalisa imisebenzi yakho; nokuthi umphefumulo wami ukwazi kahle.


Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile.


Ongumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, izibulo lezidalwa zonke.


Futhi akenzanga eyodwa na? Nokho wayenayo insali yomoya. Futhi kungani eyodwa? Ukuze afune inzalo kaNkulunkulu. Khona-ke qaphelani umoya wenu, futhi makungabikho muntu ongathembeki emfazini wobusha bakhe.


INkosi uNkulunkulu yathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa; Ngizomenzela umsizi ozolingana naye.


ngitsho imfihlakalo ebifihliwe kusukela kudala lezizukulwaneni, kodwa khathesi ibonakalisiwe kwabangcwele bakhe;


sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wamenza umuntu ngomfanekiso kaNkulunkulu.


Manje buzani ezinsukwini ezidlule, ezazingaphambi kwenu, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni, futhi nibuze kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye uhlangothi, uma kukhona into enjengalena enkulu, noma ingabe kakade yezwa?


Bheka, lokhu kuphela engikutholile, ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waqonda; kodwa bafuna izinto eziningi eziqanjiwe.


INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.


Uma oyise noma abafowabo beza kithi bezokhononda, siyakuthi kubo: ‘Yibani umusa ngenxa yethu, ngokuba asigcinanga, kube yilowo nalowo umkakhe empini, ngokuba anibanikanga bona ngalesi sikhathi; ukuthi uzakuba lecala.


Thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; nithathele amadodana enu abafazi, ninike amadodakazi enu amadoda, azale amadodana namadodakazi; ukuze nande khona, ninganciphi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite