Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 9:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 9:16
30 Referans Kwoze  

Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakumisela khona lokho ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe, nokuba igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.


UJehova uzenzele konke, ngisho nomubi uzenzele usuku olubi.


Bonke bayakwesaba, bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba izenzo zakhe bazozicabangela ngokuhlakanipha.


Shumayelani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe; izimangaliso zakhe phakathi kwezizwe zonke.


Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.


Uma uNkulunkulu ethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa;


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.


Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele.


Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.


Maye kithi! ngubani oyakusikhulula esandleni salaba nkulunkulu abanamandla na? yilabo onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izinhlupho ehlane.


Ngokuba manje ngiyakwelula isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo; futhi uyonqunywa emhlabeni.


Usaziphakamisa yini phezu kwabantu bami, ukuze ungabayekeli bahambe?


Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.


Impela, ulaka lomuntu luyakudumisa;


Kodwa wabasindisa ngenxa yebizo lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe amakhulu.


Owenza izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, naku-Israyeli naphakathi kwabanye abantu; futhi wakwenza igama njengoba kunjalo namuhla;


Ngiyonika inkazimulo yami phakathi kwezizwe, futhi zonke izizwe ziyobona isahlulelo sami engisikhiphile nesandla sami engisibeke phezu kwazo.


Kodwa kuphila kwami, umhlaba wonke uzagcwala inkazimulo yeNkosi.


Ukuze zonke izizwe zomhlaba zisazi isandla sikaJehova ukuthi silamandla, ukuze lesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube nininini.


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho njengo-Israyeli, uNkulunkulu ahamba ukuzihlengela sona njengesizwe, nokumenzela igama, akwenzele izinto ezinkulu nezesabekayo ezweni lakho, phambi kwabantu bakho owabahlenga, eGibithe, ezizweni nakonkulunkulu bazo?


Ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite