Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 9:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba manje ngiyakwelula isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo; futhi uyonqunywa emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Manje ngiselulile isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo, nishabalale emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 9:15
13 Referans Kwoze  

Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe.


Kodwa ababi bayakunqunywa emhlabeni, nabaphambukayo bayonqunywa kuwo.


Le nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobowamu ukuba iyiqede nokuyichitha emhlabeni.


Amanzi abuya, asibekela izinqola, nabamahhashi, nempi yonke kaFaro eyangena elwandle emva kwawo; akwasala ngisho noyedwa kubo.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


INkosi yasikwenza lokho ngangomuso, imfuyo yonke yaseGibithe yafa; kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa.


Bhekani, isandla sikaJehova siphezu kwezinkomo zenu ezisendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu; kuyoba khona isifo esiwumshayabhuqe esinzima kakhulu.


Ngokuba ngalesi sikhathi ngiyakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho; ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo nguye eniyakumesaba, nimkhonze, nimhlabe.


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho njengo-Israyeli, uNkulunkulu ahamba ukuzihlengela sona njengesizwe, nokumenzela igama, akwenzele izinto ezinkulu nezesabekayo ezweni lakho, phambi kwabantu bakho owabahlenga, eGibithe, ezizweni nakonkulunkulu bazo?


Ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite