Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nazo zonke izinto zalo, libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Uyakuthatha amafutha okugcoba, ugcobe ithabanakeli nakho konke okukulo, ulingcwelise nayo yonke impahla yalo, ukuze libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:9
16 Referans Kwoze  

UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele nakho konke okwakukulo, wakungcwelisa.


Ngosuku uMose alimisa ngalo itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nezitsha zalo zonke, ne-altare nezitsha zalo zonke, waligcoba, walingcwelisa;


Kodwa nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, futhi niyazi zonke izinto.


owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu.


osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.


UJesu esebhapathiziwe wahle wakhuphuka emanzini;


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


UMoya kaJehova uyakuba phezu kwakhe, uMoya wokuhlakanipha nowokuqonda, uMoya weseluleko nowamandla, uMoya wokwazi nowokumesaba uJehova;


Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


i-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nazo zonke izinto zalo, nomcengezi, nothi lwawo,


Wenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho ecwengekileyo yamakha, njengomsebenzi womkhandi weziqholo.


Wafafaza ngegazi itabernakele nezitsha zonke zenkonzo.


Uzamisa iguma nxazonke, ulengise izilenge zesango leguma.


Uyikherubi eligcotshiweyo elisibekelayo; ngakubeka kanje: wawusentabeni engcwele kaNkulunkulu; wawuhamba wehla wenyuka phakathi kwamatshe omlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite