Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:43 - Contemporary Zulu Bible 2024

43 UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:43
24 Referans Kwoze  

Abapristi bamaLevi basukuma bababusisa abantu, izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wakhuphukela endaweni yakhe yokuhlala engcwele ezulwini.


Inkosi yasiphendulela ubuso bayo, yabusisa lonke ibandla lika-Israyeli, inhlangano yonke yakwa-Israyeli yema.


UDavide eseqedile ukunikela iminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga, wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.


Inkazimulo kaJehova iyakuma kuze kube phakade; uJehova uyakuthokoza ngemisebenzi yakhe.


Inkosi yasiphendulela ubuso bayo, yabusisa lonke ibandla lika-Israyeli, inhlangano yonke yakwa-Israyeli yasukuma.


UJoshuwa wababusisa, wabamukisa, baya ematendeni abo.


Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.


UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.


Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.


Abantu basebebusisa wonke amadoda azinikela ngokuzithandela ukuhlala eJerusalema.


Kwathi uDavida eseqedile ukunikela iminikelo yokutshiswa leminikelo yokubonga, wabusisa abantu ebizweni leNkosi.


Wazikhanyisa izibani phambi kukaJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngakho ngaya ngalifihla ngasemfuleni i-Ewufrathe, njengoba nje uJehova wayengiyalile.


OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


Njengakho konke engikubonisa khona, njengesifanekiso setabernakele nesifanekiso sezinto zonke zalo, niyakulenza kanjalo.


Kumelwe kube yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngomnyaka ngenxa yazo zonke izono zabo. Wenza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ingxenye yesizwe sakwaManase uMose wayinika izwe eBashani, kepha enye ingxenye yalo uJoshuwa wayinika phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Futhi lapho uJoshuwa wabamukisa ematendeni abo, wababusisa.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga kaNkunzi, eyinyanga yesishiyagalombili, yaqedwa indlu kuzo zonke izici zayo nangokwendlela yayo yonke. Ngakho wachitha iminyaka eyisikhombisa eyakha.


Wasukuma, wabusisa lonke ibandla lika-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite