Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Waqedwa-ke wonke umsebenzi wetende lokuhlangana; abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:32
24 Referans Kwoze  

Futhi bheka ukuthi ulenze ngokwesibonelo sabo owasiboniswa entabeni.


abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.


owayethembekile kowammisayo, njengoMozisi laye wayethembekile endlini yakhe yonke.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


“Konke lokho,” kusho uDavide, “uJehova wangiqondisa ngokulotshwa ngesandla sakhe phezu kwami, zonke izenzo zalesi sibonelo.


USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Inkonzo yabo iyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwesibani, nama-altare, nezinto zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalo.


Lapho bengena etendeni lokuhlangana nalapho besondela e-altare bageza; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Baliletha itabernakele kuMose, itende, nayo yonke impahla yalo, nezisekelo zalo, nezinsika zalo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,


Basebebophela kuyo intambo ebubende ukuze ibotshwe phezu kweqhiye; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nempahla yonke yetabernakele;


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ufake kulo umphongolo wobufakazi, umboze umphongolo ngesihenqo.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga kaNkunzi, eyinyanga yesishiyagalombili, yaqedwa indlu kuzo zonke izici zayo nangokwendlela yayo yonke. Ngakho wachitha iminyaka eyisikhombisa eyakha.


UHiramu wenza imicengezi yokugezela namafosholo nezitsha. Ngakho uHiramu wawuqeda wonke umsebenzi ayewenzele inkosi uSolomoni endlini kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite