Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 38:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wenza igceke: ohlangothini oluseningizimu, ngaseningizimu, izilenge zegceke zazingelelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Wenza negceke; ngaseningizimu kwakulenga amakhethini enziwe ngelineni lemicu ephothiweyo ecolekileyo, lingamakhubhithi ayikhulu ubude;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 38:9
13 Referans Kwoze  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni futhi nidumise iGama laKhe.


Abatshaliwe endlini kaJehova bayakumila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile.


Ngoba usuku olulodwa emagcekeni akho lungcono kunenkulungwane. Ngincamela ukuba ngumlindisango endlini kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


Umphefumulo wami ulangazelela, yebo, ulangazelela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nenyama yami kukhalela kuNkulunkulu ophilayo.


Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemishayo yemisedari.


Walimisa igceke nxazonke zetabernakele ne-altare, wamisa izilenge zesango legceke. Ngakho uMose wawuqeda umsebenzi.


Uzamisa iguma nxazonke, ulengise izilenge zesango leguma.


Futhi, uyakwenza itabernakele ngezindwangu zetende eziyishumi ngelineni elicolekileyo elisontiwe, nelineni eliyibubende, eliyibubende nelibomvu; ulenze linamakherubi umsebenzi wobuqili.


Izinsika zawo zazingamashumi amabili, nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izisekelo zezinsika namasongo azo ayeyisiliva.


nezilenge zegceke, nezilenge zomnyango wesango legceke elingasetabernakele nase-altare nxazonke, nezintambo zazo, nezinto zonke zenkonzo yabo, nakho konke okwakhelwe kona. Bona: kanjalo bayakukhonza.


nezilenge zegceke, nesilenge somnyango wegceke elingasetabernakele nase-altare nxazonke, nezintambo zalo zomsebenzi wonke walo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite