Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 37:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amakherubi awelula amaphiko awo phezulu, asibekela isihlalo somusa ngamaphiko awo, ubuso bawo bubhekene; ubuso bamakherubi babukhuphukela esihlalweni somusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amakherubi awelula amaphiko awo ngaphezulu, amboza isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekana ngobuso; ubuso bamakherubi babheka isihlalo somusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Amakherubhi ayendlale amaphiko awo phezu kwesihlalo somusa, esembozile; ebhekene ngobuso bawo, ayesebheka esihlalweni somusa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 37:9
15 Referans Kwoze  

Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;


ukuze khathesi kwababusi lamandla embusweni wezulu kwaziwe ngebandla ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okunengi okwehlukeneyo;


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.


Phezu kwalo kwakumi amaserafi, yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili yamboza ubuso bayo, nangamabili yamboza izinyawo zayo, nangamabili yandiza.


Amakherubi ayakwelula amaphiko awo phezulu, asibekele isihlalo somusa ngamaphiko awo, ubuso bawo bubhekane; emva kwesihlalo somusa kuyakuba ubuso bamakherubi.


Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo.


Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.


Elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ngalapha nangalapha; wawenza esihlalweni somusa amakherubi emikhawulweni yaso yomibili.


Wenza itafula ngomuthi womtholo: ubude balo babuyizingalo ezimbili, ububanzi balo buyingalo, nokuphakama kwalo kwakuyingalo nenxenye.


Wawabeka amakherubi endlini engaphakathi, andelula amaphiko amakherubi, kwaze kwathi iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubi lathinta olunye udonga; amaphiko azo athintana phakathi nendlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite