Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 37:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wazifaka izinti emasongweni ezinhlangothini zomphongolo wokuthwala umphongolo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wazifaka izinti emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuba umphongolo uthwalwe ngazo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 wafaka izingongolo emasongweni ezinhlangothini zomphongolo, ukuze uthwalwe ngazo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 37:5
6 Referans Kwoze  

Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele.


Wenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngegolide.


Wenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso buyizingalo ezimbili nenxenye, nobubanzi baso buyingalo nenxenye.


Zazizinde izinti, ukuze izihloko zezinti zibonakale endlini engcwele phambi kwendlu engaphakathi, zingabonakali ngaphandle; akhona kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite