Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 37:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wenza nothi lwesibani ngegolide elicwengekileyo; isiqu salo, negatsha laso, nezindebe zalo, nemiqumbe yalo, nezimbali zalo kwakuvela kuyo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Walwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, walwenza uthi lwezibani ngomsebenzi okhandiweyo, isinqe salo nesiqu salo; izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo kwakukunye nalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wenza futhi nothi lwezibani ngegolide elicolisekileyo, isinqe salo nothi lwalo kwakwenziwe ngokucangcathiweyo; izindebe, izimbali nemidumba kuhlanganisiwe kwaba yinto eyodwa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 37:17
17 Referans Kwoze  

Ngokuba kwakhiwa itabernakele; eyokuqala okwakukhona kuyo uthi lwesibani, netafula, nezinkwa zokubukwa; okuthiwa ithempeli.


Ngase ngiphenduka ukuba ngibone izwi elalikhuluma nami. Ngithe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni;


Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini.


Ngasengiphendula ngathi kuyo: Iyini le minqumo emibili ngakwesokunene sothi lwesibani nangakwesokhohlo salo na?


Yasisithi kimi: Ubonani? Ngase ngithi: Ngabona, bheka, nanto uthi lwesibani lwegolide lonke, kukhona isitsha phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa phezu kwalo, nemibhobho eyisikhombisa yezibani eziyisikhombisa eziphezu kwalo.


Basebehlabela uJehova iminikelo yokutshiswa lempepha yamakha njalo ekuseni lakusihlwa njalo; nezinkwa zokubukwa bazihlela etafuleni elihlanzekile; nothi lwesibani lwegolide nezibani zalo zivutha njalo kusihlwa; kepha nina nimshiyile.


Isisindo sezinti zezibani zegolide nezibani zazo zegolide ngokwesisindo salolo luthi lwesibani nezibani zalo; nezinti zezibani zesiliva ngesisindo sothi lwezibani nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi lwesibani.


Kumelwe abeke izibani othini lwesibani oluhlanzekile njalo phambi kukaJehova.


netafula nempahla yalo, nothi lwezibani oluhlanzekile, nempahla yalo yonke, ne-altare lempepho,


Wazenza ngegolide elicwengekileyo izitsha ezaziphezu kwetafula, izitsha zalo, nezinkezo zalo, nezitsha zalo, nezitsha zalo zokubeka ngazo.


Amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo; izingalo ezintathu zothi lwesibani kolunye uhlangothi lwalo, nezingalo ezintathu zothi lwesibani kolunye uhlangothi lwalo;


Lo msebenzi wothi lwezibani wawungokwegolide elikhandiweyo, kwaze kwafika esiqwini salo, nasezimbalini zalo, kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengokwesibonelo uJehova ambonisa uMose, walwenza uluthi lwesibani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite