Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 36:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Khona oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abantu abahlakaniphile ngenhliziyo uJehova abanika ukuhlakanipha nokuqonda ukuze bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova ayekuyalile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 36:1
19 Referans Kwoze  

Ukhulume nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha, ukuba benze izingubo zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze njengobupristi.


Benza izindwangu ezibubende, eziyibubende, nezibomvu, zokukhonza endlini engcwele, benza izambatho ezingcwele zika-Aroni; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Bangenzele indlu engcwele; ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.


Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho.


Kodwa amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngoba inkonzo yendlu engcwele eyayingowawo yayiwukuthwala emahlombe awo.


UMose wabiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abantu abahlakaniphileyo uJehova abapha ukuhlakanipha enhliziyweni yabo, bonke abanhliziyo yabo yayimqhubele ukuba baye emsebenzini ukuwenza.


Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali, uyise engowaseTire, esebenza ngethusi; futhi wayegcwele ukuhlakanipha nokuqondisisa nobuqili ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wenza wonke umsebenzi wakhe.


Bheka, izigaba zabapristi namaLevi ziyakuba nawe kuyo yonke inkonzo yendlu kaNkulunkulu; futhi izikhulu kanye nabo bonke abantu bayoba ngokuvumelana nawe ngokuphelele.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


lamafutha okugcoba, lempepha yamakha zendlu engcwele; njengakho konke engikulaye ngakho.


Kanye naye kwakukhona u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamagi, owesizwe sakwaDani, engumbazi, nomdwebi, nomfekethisi ngokububende nangokubomvu, nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo.


UHure wazala u-Uri, u-Uri wazala uBhetsaleli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite