Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise umkhawulo wakho; akuyikubakho muntu oyofisa izwe lakho, uma ukhuphuka uvela phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:24
19 Referans Kwoze  

Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Ngokuba mina nginawe, akakho oyakukusukela ukuba akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe, uthi: Ngiyakudla inyama, ngokuba umphefumulo wakho unxanela ukudla inyama; inyama ungayidla, konke umphefumulo wakho okufisayo.


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha izizwe, wawutshala.


UJabezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “O, uma ubufuna nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingadabuki! Futhi uNkulunkulu wamnika lokho akucelayo.


Uma uJehova uNkulunkulu wakho eyandisa umkhawulo wakho njengokusho kwakhe koyihlo ngesifungo, futhi ekunika lonke izwe athembisa ukulinika oyihlo;


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;


Basuka, ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwemizi eyayibazungezile, kabawasukelanga amadodana kaJakobe.


Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni.


Ukwesaba uJehova kwehlela yonke imibuso yamazwe ahanqe uJuda, kangangokuthi ayizange ilwe noJehoshafati.


Ningazingcolisi nganoma iyiphi yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezi izizwe engizixosha phambi kwenu zingcolisiwe;


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngiyawaxosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.


Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa.


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni; ngoba wezwa ukuthi bamgcobile abe yinkosi endlini kayise, ngoba uHiramu wayethanda uDavida njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite