Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngiyawaxosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:11
23 Referans Kwoze  

Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ezweni elichichima ubisi nezinyosi.


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina nokuyenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho eyalile kithi.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza; ukuze kukuhambele kahle, nande, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


“Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe, wenze lokhu engikuyala ngakho namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba;


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Lalela, uzwe wonke lawa mazwi engikuyala ngawo, ukuze kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, uma nenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakwenza kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.


Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.


Ngiyakuthuma phambi kwakho imivuvu eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.


UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sakho, futhi ngaphansi kukhona izingalo zaphakade; futhi Uyoxosha isitha phambi kwenu; futhi uzothi: “Babhubhise.”


Ngalezo zinsuku ngabona futhi amaJuda ayethathe abesifazane base-Ashidodi, abakwa-Amoni nabakwaMowabi.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho yasiyala.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, azixoshe phambi kobuso bakho; nidle izwe lazo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu enithembisile.


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite