Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abantu sebezwile leli zwi elibi, balila, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kwathi ukuba abantu bezwe leyo ndaba embi, bakhala, akwaba bikho muntu owahloba ngobucwebecwebe bakhe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:4
20 Referans Kwoze  

UMose wawakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu badabuka kakhulu.


Zonke izikhulu zasolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zibeka phansi izingubo zazo, zikhumule izembatho zazo ezilukiweyo; bayogqoka ukuthuthumela; bayohlala phansi beqhaqhazela umzuzu nomzuzu futhi bema bekwesaba.


Izibopho zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo zenu ezinyaweni zenu; aniyikukhala, ningakhali; kodwa niyolila ngobubi benu, nilile omunye nomunye.


Yeka ukukhala, ungamlileli ofileyo, bopha ibhande lekhanda lakho phezu kwakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungazimbozi izindebe zakho, ungadli isinkwa sabantu.


Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.


Khuluma kubo bonke abantu belizwe lakubapristi uthi: Nxa lizila ukudla, lilila ngenyanga yesihlanu leyesikhombisa, iminyaka engamatshumi ayisikhombisa, lalizila ukudla kimi yini?


nokukhuluma kubapristi ababesendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi, ngithi: “Ngikhale yini ngenyanga yesihlanu, ngizehlukanise, njengalokho ngenzile iminyaka engaka na?”


Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo kuyo, yembathisa indwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.


Abangibizanga ngenhliziyo, lapho bekhala emibhedeni yabo;


Thuthumelani nina besifazane abanokuthula; yesabani nina eningenandaba, nihlubule nihlubule, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.


Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Lapho ngizwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.


Kwathi inkosi uHezekiya isizwile, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.


Kwathi u-Ahabi esizwa lawa mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala ngendwangu yamasaka, wahamba kahle.


Kepha uMefibosheti, indodana kaSawule, wehla ukuhlangabeza inkosi, futhi akalungisanga izinyawo zakhe, nentshebe yakhe, futhi akazigezanga izingubo zakhe, kusukela osukwini inkosi eyamuka kwaze kwaba usuku eya ngalo ngokuthula.


Wayesethi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe u-Eleyazare no-Itamari: “Ningambuli amakhanda enu, ningaklebhuli izingubo zenu; ukuze ningafi, futhi ulaka lungehleli phezu kwabantu bonke; kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabakhale ngomlilo uJehova awubasileyo.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhumula izivunulo zabo entabeni yaseHorebe.


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebheke emphongolweni kaJehova, yebo, wabulala abantu abangamashumi ayisithupha nanhlanu; isibhicongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite