Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 INkosi yasisithi kuMozisi: Wonke owonayo kimi, ngizamesula encwadini yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 USimakade wathi kuMose: “Owonileyo ngiyomesula encwadini yami.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:33
13 Referans Kwoze  

Bhekani, yonke imiphefumulo ingeyami; njengomphefumulo kayise, unjalo umphefumulo wendodana yami; umphefumulo owonayo kumelwe ufe.


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade.


Futhi wonke umphefumulo owenza noma yimuphi umsebenzi ngalolo suku, lowo mphefumulo ngiyowuqothula phakathi kwabantu bawo.


Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.


Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


INkosi yasisithi kuMozisi: Kubhale egwalweni kube yisikhumbuzo, ukuphindaphinde endlebeni zikaJoshuwa, ngoba ngizacima ngokupheleleyo isikhumbuzo sikaAmaleki ngaphansi kwezulu.


Kepha mina ngimpofu, ngidabukile; insindiso yakho, Nkulunkulu, mayingiphakamisele phezulu.


Umphefumulo owonayo kumelwe ufe. Indodana ayiyikuthwala ububi bukayise, noyise akayikuthwala ububi bendodana;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite