Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 30:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba ngamafutha angcwele okugcoba kimi ezizukulwaneni zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Uyakuthi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Lawa ngamafutha ami angcwele okugcoba izizukulwane ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 30:31
7 Referans Kwoze  

Ngifumene inceku yami uDavide; Ngamgcoba ngamafutha ami angcwele.


Lowo ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, okuthelwe phezu kwekhanda lakhe amafutha okugcoba, wangcweliswa ukuba embethe izingubo, makangambuli ikhanda lakhe, adabule izingubo zakhe;


Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba amngcwelise.


Wenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho ecwengekileyo yamakha, njengomsebenzi womkhandi weziqholo.


Kumelwe uthathe elinye igazi elise-altare nasemafutheni okugcoba, ufafaze ngawo u-Aroni nasezingutsheni zakhe naphezu kwamadodana akhe nasezingutsheni zamadodana akhe kanye naye; kumelwe angcweliswe, kanye nezingubo zakhe namadodana akhe nezingubo zamadodana akhe kanye naye.


Kumelwe ugcobe u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise, ukuze bangikhonze njengabapristi.


Angathululwa enyameni yomuntu, futhi ungenzi into enjalo njengokwakheka kwayo; ingcwele, iyakuba ngcwele kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite