Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:20
30 Referans Kwoze  

Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.


UJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezinzima eGibithe kuFaro nakuyo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu.


Ngokuba manje ngiyakwelula isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo; futhi uyonqunywa emhlabeni.


Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:


Benza phakathi kwabo izibonakaliso nezimangaliso zakhe ezweni likaHamu.


Babhaka amaqebelengwane angenamvubelo ngenhlama abayikhipha eGibithe, ngokuba yayingavutshelwe; ngoba baxotshwa eGibhithe, kabalibalanga, njalo kabalungiselelanga ukudla.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangolaka oluthululiweyo ngiyakubusa phezu kwenu.


Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.


UJehova uyakulishaya iGibithe; Uyoyishaya futhi ayiphulukise; futhi bayobuyela kuJehova, futhi uyobazwa futhi abaphulukise.


Izimangaliso ezweni likaHamu nezinto ezesabekayo oLwandle Olubomvu.


IGibhithe lathokoza ekuphumeni kwabo, ngoba ukwesaba kwabo kwabehlela.


Wathatha amalunga omuzi nameva asehlane namakhakhasi, wafundisa amadoda aseSukoti kanye nawo.


UJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nganikhuphula eGibithe, nganikhipha endlini yobugqila;


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; emva kwalokho uyakunenza nisuke lapha; uma eniyeka, uyakunixosha khona ngokuphelele.


INkosi yasisithi kuMozisi: Khathesi usuzabona engizakwenza kuFaro, ngoba ngesandla esilamandla uzabahambisa, futhi ngesandla esilamandla uzabaxotsha elizweni lakhe.


Futhi futhi leso sizwe abayosikhonza, ngizosahlulela; futhi emva kwalokho bayophuma nezinto ezinkulu.


UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.


Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?


Njengokwezinsuku zokuphuma kwenu ezweni laseGibithe, ngiyakumbonisa izimangaliso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite