Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Njengomsebenzi womqophi wamatshe, njengokuqoshwa kophawu, uyakuqopha amatshe omabili ngamagama abantwana bakwa-Israyeli;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Njengomqophi eqopha isisicilelo, uyowaqopha lawa matshe amabili ngamagama amadodana ka-Israyeli, bese uwafaka azungezwe yizisekelo zegolide.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:11
16 Referans Kwoze  

Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezazinikiwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle.


Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu;


Ngokuba bheka, itshe engalibeka phambi kukaJoshuwa; etsheni linye kuyakuba namehlo ayisikhombisa; bheka, ngiyakuqopha umbhalo wakhe,” usho uJehova Sebawoti, “ngisuse ububi balelo zwe ngalusuku lunye.


Kuphila kwami, usho uJehova, noma uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebeyindandatho yophawu esandleni sami sokunene, bengiyakukukhipha khona;


Basebebophela izihloko zombili zamaketane ezitsheni zombili, bazifaka ezizibeni zamahlombe zengubo yamahlombe.


uhla lwesine lwaba yiriyeli, neshohamu, nejaspi; ayevalelwe emasaka egolide emacaleni awo.


Bakha amatshe e-shohamu ashunyekwe ezingxenyeni zegolide, aqoshwa njengokuqoshwa kwezimpawu ngamagama abantwana bakwa-Israyeli.


Kumelwe wenze ungcwecwe wegolide elihlanzekileyo, uqophe kuwo njengokuqoshwa kophawu ukuthi: INGCWELE KUJEHOVA.


Kumelwe ubophe izihloko ezimbili zamaketango amabili emabhokisini amabili, uwabophe ezizingeni zamahlombe zendwangu yamahlombe phambi kwawo.


Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, ishumi nambili ngokwamagama abo, njengokuqoshwa kophawu; kube yileso naleso negama laso ngokwezizwe eziyishumi nambili.


Amagama ayisithupha awo etsheni linye, namagama ayisithupha aseleyo kwelinye itshe ngokokuzalwa kwawo.


Kumelwe ubeke amatshe amabili emahlombe endwangu yamahlombe abe amatshe esikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni kumelwe athwale amagama abo phambi kukaJehova emahlombe akhe omabili abe yisikhumbuzo.


ukuthi baqoshwe edwaleni ngesikhonkwane sensimbi nomthofu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite