Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 27:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uyakwenza igceke letabernakele ohlangothini oluseningizimu, ngaseningizimu, kube khona izilenge zegceke ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ngalapha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Wolenza igceke letabernakele;* ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Uyokwenza igceke lethabanakeli. Ngaseningizimu yegceke kube khona amakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu ohlangothini ngalunye;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 27:9
29 Referans Kwoze  

Malungana nezingalo ezingamashumi amabili zegceke elingaphakathi, namalungana nendawo egandayiweyo yegceke elingaphandle kwakukhona umpheme malungana nempheme ezitezi ezintathu.


Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi ohlangothini lwesango lasenyakatho; umbono wawo wawubheke eningizimu, elinye lisohlangothini lwesango lasempumalanga, libheke enyakatho.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga; yalinganisa isango ngezilinganiso zalo.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; yalinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zalo;


Isango legceke elingaphakathi lalibhekene nesango elingasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa kusukela esangweni kuze kufike esangweni, izingalo eziyikhulu.


Isango legceke elingaphandle elibheke enyakatho, yalinganisa ubude nobubanzi balo.


Wenza nezinsika zomnyango eziyizingalo ezingamashumi ayisithupha, kuze kube sensikeni yomnyango wegceke nxazonke zesango.


Emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema! Dumisani uJehova.


Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni futhi nidumise iGama laKhe.


Abatshaliwe endlini kaJehova bayakumila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


Ngoba usuku olulodwa emagcekeni akho lungcono kunenkulungwane. Ngincamela ukuba ngumlindisango endlini kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.


Ngalolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke eliphambi kwendlu kaJehova; ngoba waletha lapho iminikelo yokutshiswa leminikelo eyenziwa ngomlilo lamahwahwa eminikelo yokubonga, ngoba ilathi lethusi elaliphambi kweNKOSI lalilincane kakhulu ukuthi lingamukela iminikelo yokutshiswa leminikelo eyenziwa ngomlilo lamahwahwa eminikelo yokubonga.


Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemishayo yemisedari.


Uzamisa iguma nxazonke, ulengise izilenge zesango leguma.


Izilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezilenge zesango legceke, nezintambo zalo, nezikhonkwane zalo, nezinto zonke zenkonzo yetabernakele letende lokuhlangana,


Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu ekugcineni kwesilenge ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu ekugcineni kwesilenge ekuhlanganeni kwesibili.


Izinsika zalo ezingamashumi amabili nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izisekelo zezinsika namasongo azo abe yisiliva.


Izilenge zegceke, izinsika zalo, nezinyawo zazo, nezilenge zomnyango wegceke;


Walimisa igceke nxazonke zetabernakele ne-altare, wamisa izilenge zesango legceke. Ngakho uMose wawuqeda umsebenzi.


nezilenge zegceke, nesilenge somnyango wegceke elingasetabernakele nase-altare nxazonke, nezintambo zalo zomsebenzi wonke walo.


nezilenge zegceke, nezilenge zomnyango wesango legceke elingasetabernakele nase-altare nxazonke, nezintambo zazo, nezinto zonke zenkonzo yabo, nakho konke okwakhelwe kona. Bona: kanjalo bayakukhonza.


nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nazo zonke izinto zazo, nawo wonke umsebenzi wazo wenkonzo;


Wenza negceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wayinameka iminyango yakhona ngethusi.


Wayesengiyisa egcekeni elingaphandle; bheka, kwakukhona amakamelo nendawo egandayo yegceke nxazonke; amakamelo angamashumi amathathu ayesendaweni egandayiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite