Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 24:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMose waloba phansi onke amazwi kaJehova, waqeda ekuseni kakhulu, wakha i-altare phansi kwentaba nezinsika eziyishumi nambili ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UMose wawabhala wonke amazwi kaSimakade. Wavuka ekuseni ngovivi, wakha i-althare phansi kwentaba, wamisa izinsika ezili-12 ngokwezizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 24:4
27 Referans Kwoze  

UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


UJakobe wavuka ekuseni kakhulu, wathatha itshe abelibeke emcamelweni wakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha phezu kwalo.


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, nakuzo amagama abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.


ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami, nihlale ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


Nasekuhlukaniseni le ndlu kaNkulunkulu izinkunzi eziyikhulu, nezinqama ezingamakhulu amabili, namawundlu angamakhulu amane; nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wesono ka-Israyeli wonke, ngokwenani lezizwe zakwa-Israyeli.


U-Ahiya wayesethatha ingubo entsha ayeyigqokile, wayiklebhula iziqephu eziyishumi nambili.


Lawo matshe ayishumi nambili abawathatha eJordani, uJoshuwa wawamisa eGiligali.


Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthathe kubo induku ngokwezindlu zawoyise, kuzo zonke izikhulu ngezindlu zawoyise, izinduku eziyishumi nambili; bhala igama lawo wonke umuntu entongeni yakhe.


Kumelwe uthathe ufulawa ocolekileyo ubhake kuwo amaqebelengwane ayishumi nambili; okweshumi okubili kufanele kube ekhekheni elilodwa.


Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, ishumi nambili ngokwamagama abo, njengokuqoshwa kophawu; kube yileso naleso negama laso ngokwezizwe eziyishumi nambili.


UJakobe wathatha itshe, walimisa laba yinsika.


Futhi leli tshe engilimise libe yitshe lesikhumbuzo liyoba yindlu kaNkulunkulu; kukho konke ongipha khona, ngizakunika okwetshumi.


INkosi yasisithi kuMozisi: Kubhale egwalweni kube yisikhumbuzo, ukuphindaphinde endlebeni zikaJoshuwa, ngoba ngizacima ngokupheleleyo isikhumbuzo sikaAmaleki ngaphansi kwezulu.


UMose walakha i-altare, walibiza ngokuthi uJehova-Nisi.


Lezi yizahlulelo okumelwe uzenze kubo.


Wayesethatha incwadi yesivumelwano, wayifunda phambi kwezindlebe zabantu, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, sikulalele.”


INkosi yasisithi kuMozisi: Zibhalele lawa amazwi, ngoba njengokutsho kwalamazwi ngenze isivumelwano lawe kanye loIsrayeli.


Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare likaJehova phakathi kwezwe laseGibithe, netshe lesikhumbuzo kuJehova emngceleni walo.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


UJoshuwa wathi kubo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu ningene phakathi kweJordani, nithathe kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe ngokwesibalo sezizwe zabantwana bakwa-Israyeli.”


U-Eliya wathatha amatshe ayishumi nambili ngokwenani lezizwe zamadodana kaJakobe okwafika kuye izwi likaJehova lathi: “Igama lakho liyakuba ngu-Israyeli.”


Ababekwa uphawu babengoNehemiya, umTirisatha, indodana kaHagaliya, noSedekiya,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite