Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 24:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Umbono wenkazimulo kaJehova wawunjengomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 24:17
14 Referans Kwoze  

Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho,


Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo.


Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo esihlahleni somunga;


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.


Ngase ngibona okunjengokubonakala komlilo phakathi kwawo nxazonke, kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu, kusukela okhalweni lwakhe kuya phansi, ngabona okungathi kufana nomlilo; ukukhanya nxazonke.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho nguye odlula phambi kwakho; njengomlilo oqothulayo uyakubaqeda, abawise phambi kwakho; khona-ke kumelwe ubaxoshe futhi ubabhubhise ngokushesha, njengoba nje uJehova ekhulumile kini.


Njengokubonakala kothingo olusefwini ngosuku lwemvula, kwakunjalo ukubonakala kokukhanya nxazonke. Lokhu kwakungukubonakala komfanekiso wenkazimulo kaJehova. Ngathi ngibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.


Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswe ngakho.


Amalahle omlilo avutha ngokukhazimula phambi kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite