Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 20:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Futhi uma nifuna ukungenzela i-altare lamatshe, akumelwe nilakhe ngamatshe abaziweyo; ngoba uma uphakamisa ithuluzi lakho phezu kwalo, ungcolisile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Uma ungenzela i-altare ngamatshe, awuyikulakha ngamatshe abaziweyo, ngokuba uma uphakamisela kulo ingwedo yakho, ulingcolisile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Uma ningakhela i-althare lamatshe, aniyukulakha ngamatshe abaziweyo, ngokuba nilingcolisile ngamashizolo eniwasebenzise kulo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 20:25
6 Referans Kwoze  

njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa-Israyeli njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, i-altare lamatshe aphelele, okungekho muntu owaphakamisa insimbi phezu kwalo; banikela phezu kwalo iminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngemihlatshelo yokubonga.


Ungenzele i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokubonga, izimvu zakho nezinkomo zakho phezu kwalo; kuzo zonke izindawo lapho engichaza khona igama lami, ngizoza kuwe futhi ngikubusise.


Indlu, lapho yakhiwa, yakhiwa ngamatshe alungisiwe ingakafikiswa khona, ukuze kungezwakali isando, nembazo, nanto yonke yensimbi endlini, isakhiwa.


Amatafula amane omnikelo wokushiswa ayengamatshe aqoshiwe, ubude buyingalo nengxenye, ububanzi buyingalo nenxenye, ukuphakama kube yingalo; ababeka phezu kwazo amathuluzi ababehlaba ngawo umnikelo wokushiswa kanye nesisulu.


UMose waloba phansi onke amazwi kaJehova, waqeda ekuseni kakhulu, wakha i-altare phansi kwentaba nezinsika eziyishumi nambili ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite