Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika akha amanzi, agcwalisa izitsha zokuphuzisa umhlambi kayise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:16
11 Referans Kwoze  

UMose wayeselusa umhlambi kaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; wahola umhlambi emva kwehlane, wafika entabeni kaNkulunkulu kuze kufike eHorebe.


Waguqisa amakamela akhe ngaphandle komuzi ngasemthonjeni kusihlwa, isikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokha amanzi.


Kwathi bekhuphuka intaba beya emzini, bafumana amantombazane aphuma ukuyokha amanzi, athi kuwo: “Umboni ukhona na?”


UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi, Safnati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera, umpristi wase-Oni, abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, waya ezweni lonke laseGibithe.


UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini, futhi wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.


Bheka, ngimi ngasemthonjeni; amadodakazi abantu bomuzi aphuma ukuyokha amanzi.


Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo.


Kwathi uJetro, umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, esezwile ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile kuMose nakubantu bakhe u-Israyeli, nokuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe;


UJetiro, umukhwe kaMose, wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuba badle isinkwa nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite