Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalezo zinsuku uMose esekhulile waphuma ukuyobheka abafowabo nemithwalo yabo; futhi wabulala umGibhithe owayeshaye umHebheru, omunye wabafowabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:11
13 Referans Kwoze  

Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.


UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;


Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe?


UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Izinceku zabantwana bakwa-Israyeli ezazimise izikhulu zikaFaro phezu kwabo zashaywa, zathi: “Aniwuqedanga ngani umsebenzi wenu wokwenza izitini izolo nanamuhla njengakuqala na?


Makubekwe umsebenzi phezu kwamadoda, ukuze asebenze kuwo; futhi kabangalaleli amazwi ayize.


Inkosi yaseGibithe yathi kubo: “Nina, Mose no-Aroni, nibayekelani abantu emisebenzini yabo na? ngikulethe emithwalweni yakho.


Wayesethi uFaro: “Bheka, abantu bezwe sebebaningi manje, nibayeke baphumule emithwalweni yabo.”


Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite