Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi yasisithi kuMozisi: Khangela, ngiza kuwe ngiseyezini elinzima, ukuze abantu bezwe, lapho ngikhuluma kuwe, bakholwe kuwe kuze kube nininini. UMose wakhuluma amazwi abantu kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:9
25 Referans Kwoze  

Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo.


Kwathi ngosuku lwesithathu ekuseni kwaba khona ukuduma, nemibani, nefu elinzima entabeni, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bathuthumela bonke abantu ababesekamu.


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Amafu nobumnyama kumhaqa, ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakhe sobukhosi.


Abantu bema kude, uMose wasondela ebumnyameni obukhulu lapho uNkulunkulu ekhona.


U-Israyeli wawubona umsebenzi omkhulu uJehova awenza kwabaseGibhithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.


Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.


Ya le utlwang o a nkutlwa; mme ya le nyatsang, o a nyedisa nna; mme ya nnyatsang, o nyedisa ya nthomileng.


Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;


Isiprofetho ngeGibhithe. Bheka, uJehova ugibele ifu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayakuthuthumela phambi kobuso bakhe, nezinhliziyo zaseGibithe ziyakuncibilika kulo.


Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


Wayesethi uSolomoni: “UJehova wathi uyakuhlala ebumnyameni.


USolomoni wasesithi: UJehova wathi uzahlala ebumnyameni.


Ukuze bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


INkosi yehla ngeyezi yema lapho kanye naye, yabiza iGama leNkosi.


INkosi yehla ngensika yefu, yema ngasemnyango wetabernakele, yabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.


Wakhuluma kubo esensikeni yefu, bagcina ubufakazi bakhe nesimiso abanika sona.


Ikakhulu ngosuku owama ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova ethi kimi: ‘Buthela abantu kimi, ngibenze balalele amazwi ami, ukuze bafunde ukungilalela. Besabe zonke izinsuku abayakuphila ngazo emhlabeni, ukuze bafundise abantwana babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite