Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 ‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:4
15 Referans Kwoze  

Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.


Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.


Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibhithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe;


Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;


Njengezwi engalenza nani ekuphumeni kwenu eGibithe, umoya wami uphakathi kwenu; Ungesabi.


Asinababa munye sonke na? akasidalanga unkulunkulu oyedwa na? Kungani ukuba sibe yilowo nalowo kumfowabo, singcolise isivumelwano sawobaba na?


UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;


Ehlane, lapho wabona khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuzala, njengalokho umuntu ezala indodana yakhe, endleleni yonke owahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.


Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


Senikubonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzileyo kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye owanilwelayo.


Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite