Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:20
12 Referans Kwoze  

Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;


Wakhala ekucindezelekeni, ngakusindisa; Ngakuphendula ngisendaweni yokucasha yokuduma, ngakuvivinya emanzini aseMeriba. Sela.


Waqopha izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; UMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhwela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile, waphatha esandleni sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.


Ulungele ekuseni, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume lapho phambi kwami esiqongweni sentaba.


UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu, uJehova wambiza esentabeni, wathi: “Uyakusho kanje kuyo indlu kaJakobe, usho kubantwana bakwa-Israyeli;


Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.


Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.


Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho kulowo moya, emva komoya ukuzamazama komhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba.


UMose wakhuphuka entabeni, ifu lasibekela intaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite