Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi ngosuku lwesithathu ekuseni kwaba khona ukuduma, nemibani, nefu elinzima entabeni, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bathuthumela bonke abantu ababesekamu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:16
31 Referans Kwoze  

Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


Futhi umbono wawumubi kangangokuthi uMose wathi: “Ngiyesaba kakhulu futhi ngiyathuthumela.”


Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba.


Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, nokuduma, namazwi, nezibani zomlilo eziyisikhombisa zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu.


Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.


owahlukanisela uzamcolo umsele, noma indlela yombani wokuduma;


Bonke abantu babona ukuduma, nemibani, nomsindo wecilongo, nentaba ethunqayo; abantu sebekubona bahlehla bamela khatshana.


INkosi yasisithi kuMozisi: Khangela, ngiza kuwe ngiseyezini elinzima, ukuze abantu bezwe, lapho ngikhuluma kuwe, bakholwe kuwe kuze kube nininini. UMose wakhuluma amazwi abantu kuJehova.


UMose wayeselula intonga yakhe ezulwini, uJehova wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wanisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Imibani yakhe yakhanyisa umhlaba; umhlaba wakubona, wazamazama.


UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.


Abapristi babengenakuma ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.


Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.


Wathi kubantu: “Anilungile ngosuku lwesithathu; ningezi kubafazi benu.


UMose wabakhipha abantu ekamu ukuyohlangabeza uNkulunkulu; bema phansi kwentaba.


Abantu bema kude, uMose wasondela ebumnyameni obukhulu lapho uNkulunkulu ekhona.


(Ngaleso sikhathi ngema phakathi kukaJehova nani ukuba ngimemezele kini izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukanga entabeni, nithi:


Wawathoba amazulu, wehla; nobumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.


UJehova uyabekezela, unamandla amakhulu; akayikumyeka ababi abe msulwa; UJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


Lalelani, bantu bami, ngiyakufakaza kini: Israyeli, uma ungilalela;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite