Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga; babuzana ukuphila kwabo; bangena etendeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:7
23 Referans Kwoze  

ULabani esezwile umbiko kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe. Wamtshela uLabani zonke lezi zinto.


UBhathisheba waya enkosini uSolomoni ukuze akhulume kuyo ngo-Adoniya. Inkosi yamphakamisa, yakhothama phambi kwakhe, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yabeka isihlalo sikanina wenkosi; wahlala ngakwesokunene sakhe.


U-Uriya esefikile kuye, uDavida wambuza ukuthi kwakunjani kuJowabi, lokuthi abantu baqhuba njani, lokuthi impi iphumelele njani.


Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;


Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.


Inkosi yaseSodoma yaphuma ukumhlangabeza ngemva kokuba isibuyile ekubulaleni uKedorlawomere namakhosi ayenaye, esigodini saseShebe, esiyisigodi samakhosi.


Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.


Basebekhala kakhulu bonke, bawela entanyeni kaPawuli, bamanga;


Awunganganga, kepha lona wesifazane, selokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami.


Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.


UJefta wafika endlini yakhe eMispa; futhi wayezelwe yedwa; ngaye wayengenandodana nandodakazi.


UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini.


UJosefa walungisa inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni, wammisa phambi kwakhe; wawela entanyeni yakhe wakhala isikhathi eside entanyeni yakhe.


Ngaphezu kwalokho, wabanga bonke abafowabo wakhala phezu kwabo; ngasemuva abafowabo bakhuluma kuye.


Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami na? wenze into ewubuwula nje.


UJosefa esengenile endlini, amngenisa endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi phambi kwakhe.


UJehova wathi ku-Aroni: “Hamba uyohlangabeza uMose ehlane. Wasuka wamhlangabeza entabeni kaNkulunkulu, wamanga.


Wathi kuMose: “Mina, uyihlozala, uJetiro, ngizé kuwe, nomkakho namadodana akhe amabili enaye.


UMose walithatha itabernakele, walimisa ngaphandle kwekamu, kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Bonke ababeyifuna iNkosi baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.


Ulethe lawa mashizi ayishumi enduneni yenkulungwane yabo, ubone ukuthi kuhamba kanjani kubafowenu, uthathe isibambiso kubo.


UDavide wayishiya inqola yakhe esandleni sabalindi, wagijimela ebuthweni, wafika wabingelela abafowabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite