Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 18:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 18:25
9 Referans Kwoze  

Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu.


Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukhethe kubo bonke abantu amadoda afanelekayo amesabayo uNkulunkulu, amadoda eqiniso, azondayo ukuhaha; wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zeshumi.


Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki;


Izwe laseGibhithe liphambi kwakho; endaweni enhle kakhulu yezwe kahlale uyihlo nabafowenu; mabahlale ezweni laseGosheni; uma wazi okuthile phakathi kwabo, ubamise babe ngababusi phezu kwezinkomo zami.


UMose walilalela izwi likayisezala, wenza konke ayekushilo.


Kuyakuba nawe indoda esizweni; yilowo nalowo inhloko yendlu yawoyise.


Laba babeyizikhulu zebandla, izikhulu zezizwe zawoyise, izinhloko zezinkulungwane kwa-Israyeli.


INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe.


UDavide wayesebala amadoda ayenaye, wabeka phezu kwawo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite