Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 17:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 17:6
24 Referans Kwoze  

Banatha bonke isiphuzo esifanayo sokomoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elalibalandela, lelo Dwala lalinguKristu.


Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.


owanihola ogwadule olukhulu nolwesabekayo, okwakukhona kulo izinyoka ezinomlilo nawofezela nesomiso, lapho kwakungekho manzi khona; owanikhiphela amanzi edwaleni;


Wavula idwala, kwaphuma amanzi; bahamba ezindaweni ezomile njengomfula.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


owaphendula idwala libe yimanzi amile, itshe libe ngumthombo wamanzi.


Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.


Bheka, washaya idwala, kwaze kwagobhoza amanzi, nezifufula zaphuphuma; angakwazi futhi ukunikeza isinkwa? angalungisela abantu bakhe inyama na?


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Futhi abomanga lapho ebahola ehlane; Wabaphumisela amanzi edwaleni; Futhi waqhekeza idwala, futhi amanzi aphuma.


U-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane, bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


Kepha wena phakamisa udondolo lwakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, uluhlukanise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badabule ulwandle emhlabathini owomileyo.


Thatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume nedwala phambi kwamehlo ayo; futhi uyonika amanzi awo, futhi kumelwe ubakhiphele amanzi edwaleni; uyakuphuzisa ibandla nezinkomo zalo.


(Kuwuhambo lwezinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngomgwaqo osuka entabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi-Barineya.)


Nguwena owahlukanisa umthombo nomfula, womisa imifula enamandla.


Basebecela kuNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla kwenkanuko yabo.


Wakhala ekucindezelekeni, ngakusindisa; Ngakuphendula ngisendaweni yokucasha yokuduma, ngakuvivinya emanzini aseMeriba. Sela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite