Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Bhekani, ngokuba uJehova uninike isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, makungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Bhekani, uSimakade uninike isabatha, ngakho-ke ngosuku lwesithupha uyaninika ukudla okwanele izinsuku ezimbili, hlalani yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi noyedwa endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:29
9 Referans Kwoze  

“Khuluma futhi kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyawagcina amasabatha ami, ngokuba ayisibonakaliso phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu; ukuze nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.


Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.


wazisa kubo isabatha lakho elingcwele, wabayala ngeziyalezo, nezimiso, nemithetho ngesandla sikaMose inceku yakho.


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?


Abantu basebephumula ngosuku lwesikhombisa.


Njalo ngizabusisa insimu yenu ngomnyaka wesithupha, njalo izathela iminyaka emithathu.


Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite