Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:17
26 Referans Kwoze  

UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kubo; Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondile.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuzihlola izimvu zami, ngizicinge.


Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami.


Uthi: ‘Zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova; Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba namagquma, imifula nezigodi; bheka, ngiyakwehlisela inkemba phezu kwenu, ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo;


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nami ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho phambi kwamehlo ezizwe.


Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;


Mina, yebo, ngikhulumile; yebo, ngimbizile; Ngimlethile, futhi uyophumelela indlela yakhe.


Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa.


Ngalokho bhekani, ngiyakunikhohlwa nokunikhohlwa, nginishiye nomuzi enganinika wona nawoyihlo, nginixoshe ebusweni bami.


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe;


Futhi ngithi kuwe: Yiyeke indodana yami ihambe, ingikhonze; uma wenqaba ukumyeka, bheka, ngiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.


Bheka, ngiyamisa isivumelwano sami nawe nenzalo yakho emva kwakho;


Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


AbaseGibithe babaxosha, bawalandela kwaze kwaba phakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Pho-ke niyenzelani lukhuni izinhliziyo zenu njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenza ngokuyisimangaliso phakathi kwabo, abavumelanga yini abantu ukuthi banyakaze futhi basuke?


Izinqola nabamahhashi bakhuphuka naye, kwaba isixuku esikhulu kakhulu.


UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.


Ngiyakudonsela kuwe uSisera induna yempi kaJabini nezinqola zakhe nesixuku sakhe emfuleni iKishoni; ngiyakumnikela esandleni sakho.


uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Bheka, nginobuso bakho nawe, Sidoni; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenze isijeziso sakhe, ngingcweliswe kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite