14 UJehova uyakunilwela, nina nithule;
14 UJehova uzakunilwela, nothula nina.
14 USimakade uzonilwela, nina thulani du.”
Akumelwe nibesabe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakunilwela.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye ohamba nani ukunilwela ezitheni zenu, anisindise.
Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.
Senikubonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzileyo kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye owanilwelayo.
UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;
Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, ithi: Ngokubuya nokuphumula niyakusindiswa; ekuthuleni nasekuthembeni kuyakuba amandla enu, kepha anivumanga.
Ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwayo yonke imibuso yalawo mazwe lapho isizwa ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli.
UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.
INkosi iyiqhawe, nguJehova igama layo.
Ase ekhumula amasondo ezinqola zawo, awagibelisa, kangangokuthi abaseGibithe bathi: “Masibaleke phambi kuka-Israyeli; ngoba uJehova uyabalwela emelene labaseGibhithe.
Nomaphi lapho nizwa khona ukukhala kwecilongo, niye khona; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.
Ihubo lika-Asafa. Ungathuli, Nkulunkulu; ungathuli, ungathuli, Nkulunkulu.
UJoshuwa wawathatha wonke la makhosi nezwe lawo kanyekanye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayewalwela u-Israyeli.
Alukho usuku olunjengalolo ngaphambi kwakhe nangemva kwalokho uJehova walilalela izwi lomuntu; ngokuba uJehova wamlwela u-Israyeli.
UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
Balwa besezulwini; izinkanyezi emigudwini yazo zalwa noSisera.
UJehova wathi kuMose: “Ungibizelani na? khuluma nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi baqhubeke.
AmaFilisti esaba, ngokuba athi: “UNkulunkulu ungenile ekamu.” Futhi bathi: Maye kithi! ngoba into enjalo yayingekho ngaphambili.
Wathi: “Zwanini, nonke Juda, nani enakhileyo eJerusalema, nenkosi uJehoshafati: Usho kanje uJehova kini, uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu; ngoba impi kayisiyo eyenu, kodwa ngekaNkulunkulu.
Ngase ngibheka, ngasukuma ngathi ezikhulwini nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani uJehova, omkhulu nowesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, omkenu, nezindlu zenu.
Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula ulwandle emhlabathini owomileyo; futhi wabaphonsa ekujuleni njengetshe emanzini anamandla.
Ihubo likaDavide. Ngilwele, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabalwa nami.
Kuhle ukuthi umuntu alindele ukukhululwa kukaJehova, alinde ngokuthula.