Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:28
23 Referans Kwoze  

Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti.


nithi: Lona ungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula ngasezindlini zabantwana bakwa-Israyeli eGibithe lapho enqoba abaseGibithe, esindisa izindlu zethu. Abantu bagebisa amakhanda abo, bakhuleka.


Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.


OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.


OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa induku yakhe phansi phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaba yinyoka.


Abantwana bakwa-Israyeli benza njengezwi likaMose; baboleka kwabaseGibithe izinto zesiliva nezinto zegolide nezingubo.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.


Khona oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abantu abahlakaniphile ngenhliziyo uJehova abanika ukuhlakanipha nokuqonda ukuze bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova ayekuyalile.


Waqedwa-ke wonke umsebenzi wetende lokuhlangana; abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.


UMose wayesekhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe isiqalekiso ngaphandle kwekamu, bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babaxosha ekamu; njengalokho uJehova ekhulumile kuMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli.


OMose no-Eleyazare umpristi benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.


UMose wayinika u-Eleyazare umpristi intela, eyayingumnikelo weNkosi, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha enye emashumini ayisihlanu, kubantu nasezilwaneni, wayinika amaLevi agcina inkonzo yetende likaJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose.


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Wathi: “Kunjengokusho kwakho.” Wasezimukisa, zahamba; wayesebophela umucu obomvu efasiteleni.


Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJoshuwa ebayalile, bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, njengalokho uJehova eshilo kuJoshuwa, ngokwenani lezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, bahamba nawo baya entabeni. Lapho abalala khona, bazibeka phansi khona.


Njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, balihlukanisa izwe.


UDavide wenza njengalokho uJehova emyalile; wanqoba amaFilisti kusukela eGeba kwaze kwaba seGezeri.


Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba waya wahlala ngasemfudlaneni iKreti ephambi kweJordani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite