Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kumelwe nithathe isixha sehisopi nisicwilise egazini elisesitsheni, nishaye umbundu ongenhla nezinsika zombili zezinhlangothi ngegazi elisesitsheni; futhi kakuyikuphuma muntu emnyango wendlu yakhe kuze kuse.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Niyothatha isixha sehisophi nisicwilise egazini elisemcengezini, bese nibheca izimpundu nezinsika zeminyango, makungaphumi muntu emnyango kuze kube ngakusasa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:22
13 Referans Kwoze  

Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti.


Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Umuntu ohlanzekile kumelwe athathe ihisopi alicwilise emanzini awafafaze phezu kwetende naphezu kwazo zonke izitsha naphezu kwabantu ababelapho, nakulowo othinte umlenze noma oshaywayo noma onawo. Ukufa, noma ithuna:


Ngokuba uMose eseshilo yonke imiyalo kubantu bonke ngokomthetho, wathatha igazi lamathole nelezimbuzi, kanye namanzi, noboya obubomvu, nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke;


Kepha nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.


Kumelwe bathathe elinye igazi balibhece ezinsikeni ezimbili ezisemaceleni nasezinsikeni ezingaphezulu zezindlu abazolidlela kuzo.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.


nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.


Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.


Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango; zifihle ngokuphazima kweso, kuze kuphele ulaka.


Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite