Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Le nyanga iyakuba kini eyokuqala kwezinyanga; kumelwe kube yinyanga yokuqala yonyaka kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:2
14 Referans Kwoze  

Namuhla niphumile ngenyanga ka-Abibi.


Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika ekudumiseni uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.


Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi senyanga ka-Abibi; ngoba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibhithe.


Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo (izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengoba nje ngakuyala, ngesikhathi esimisiwe senyanga ka-Abibi, ngoba waphuma ngayo eGibhithe, futhi akekho oyolala phambi kwami ayiveli).


Ngosuku lweshumi nane lwenyanga yokuqala kuyiphasika likaJehova.


Ngosuku lweshumi nane lwenyanga yokuqala kusihlwa kuyiphasika likaJehova.


Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari.


UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ezweni laseGibithe, wathi:


Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.


Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo kuze kube lusuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga kusihlwa.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga uyakuthatha iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele;


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Kwathi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga, lamiswa itabernakele.


Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa; isinkwa esingenamvubelo kumelwe kudliwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite