Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholwa mvubelo ezindlini zenu; ngokuba yilowo nalowo odla okuvutshelweyo uyakunqunywa ebandleni lika-Israyeli, noma engowezizwe noma engowokuzalwa ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:19
13 Referans Kwoze  

Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo; ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu; ngoba wonke odla isinkwa esivutshelweyo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa, lowomphefumulo uzaqunywa kwaIsrayeli.


Ungadli isinkwa esivutshelweyo kanye nayo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa sosizi; ngoba waphuma ngokushesha ezweni laseGibhithe ukuze ukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo (izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengoba nje ngakuyala, ngesikhathi esimisiwe senyanga ka-Abibi, ngoba waphuma ngayo eGibhithe, futhi akekho oyolala phambi kwami ayiveli).


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambweni, edelele ukugubha iphasika, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwabantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomhlatshelo weNkosi ngesikhathi esimisiweyo, lowo muntu uyakuwukhokha. Isono sakhe sigqoka.


Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi senyanga ka-Abibi; ngoba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibhithe.


“ ‘Uma umfokazi egogobele kini, egcina iphasika kuJehova, mabasokwe bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine; uyakuba njengowokuzalwa ezweni, ngokuba akuyikudla ongasokile kulo.


INkosi yasisithi kuMozisi lakuAroni: Nanku umlayo wephasika: owezizwe kangalidli.


Ungadli okuvutshelweyo; kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala niyakudla isinkwa esingenamvubelo.


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala mvubelo kuwe, nemvubelo ayiyikubonakala kuwe kuzo zonke izindawo zakho zokuhlala.


Ngosuku lweshumi nane lwenyanga yokuqala kusihlwa kuyiphasika likaJehova.


Loba ngubani obutha into enjengale kumbe obeka enye yazo kowezizweni, kumele axotshwe ebantwini bakibo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite