Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo, mina-ke ngiyakusuka. Wasuka kuFaro ngolaka olukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:8
18 Referans Kwoze  

Khona uNebukadinesari wagcwala intukuthelo, nesimo sobuso bakhe sashintsha kuShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; ngakho-ke wakhuluma futhi wayala ukuthi isithando somlilo kufanele sibase ngokuphindwe kasikhombisa kunalokho esijwayele ukushiswa ngaso.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.


Abanicindezelayo ngiyakudlisa eyabo inyama; futhi bayodakwa yigazi labo siqu ngokungathi kungewayini elimnandi, futhi yonke inyama iyokwazi ukuthi mina, Jehova, nginguMhlengi wakho kanye noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.


Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho.


Khona-ke inkosi yakwa-Israyeli nenkosi yakwaJuda nenkosi yakwa-Edomi bahamba, futhi bahamba ibanga elide lohambo lwezinsuku eziyisikhombisa, futhi kwakungekho manzi empi nawemfuyo eyayibalandela.


UBenihadadi wayesethumela kuye, wathi: “Mabenze njalo kimi onkulunkulu, bangezelele kanjalo, uma uthuli lwaseSamariya lunganele ukuzalisa izandla zabo bonke abantu abangilandelayo.


Wayesethi kubantu baseSukoti: “Nikani abantu abangilandelayo izinkwa; ngoba bakhathele futhi ngibaxosha oSheba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.


UBharaki wabiza oZebuloni noNafetali eKedeshi; wakhuphuka namadoda ayizinkulungwane eziyishumi ezinyaweni zakhe, noDebora wakhuphuka naye.


Bayakushiswa yindlala, baqedwe ukushisa okushisayo nencithakalo ebabayo; ngiyakubathumelela amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezinyoka zothuli.


Futhi zonke izizwe ziyakuthi: Kungani uJehova enze lokhu kuleli zwe na? kusho ukuthini ukushisa kwalolu laka olukhulu?


(Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.)


Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.


Wayesethi uMose: “Nikhulume kahle; angisayikubona ubuso bakho.”


Futhi ngathukuthela kakhulu lapho ngibabiza futhi ngizwa lawa mazwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite