Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMozisi wasesithi: Itsho njalo iNkosi: Phakathi kobusuku ngizaphuma ngiye phakathi kweGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:4
12 Referans Kwoze  

Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.


Ngathumela isifo phakathi kwenu ngendlela yaseGibithe; ngenza ukuba iphunga lemibhede yenu likhuphukele emakhaleni enu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.


Awukufuni yini, Nkulunkulu, lokho esikwalile? wena, Nkulunkulu, ongaphumanga namabutho ethu na?


Bazofa ngokuphazima kweso, futhi abantu bayothuthumela phakathi kobusuku futhi badlule, futhi amaqhawe ayothathwa ngaphandle kwesandla.


Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.


Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.


Umfohli uyakhuphuka phambi kwabo; babhodloza bangena ngesango baphuma ngalo; inkosi yabo iyakuphuma phambi kwabo, noJehova eyinhloko yabo.


Zonke izivini ziyakukhala, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwakho,” usho uJehova.


UJehova uyakuphuma njengeqhawe, avuse ukushisekela njengeqhawe; Uyakubiza, yebo, abhonge; uyakunqoba izitha zakhe.


Kuzakuthi-ke uma uzwa umsindo wokusunduza ezihlokweni zezihlahla zikamalibhele, uzijabulise; ngokuba lapho uJehova uyakuphuma phambi kwakho ukuba ahlule impi yamaFilisti.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuba anqobe abaseGibithe; uma ebona igazi embundwini ongaphezulu nasezinsikeni zombili zomnyango, uJehova uyakudlula ngasemnyango, angamvumeli umchithi ukuba angene ezindlini zenu ukuba anihlule.


Lokhu wakumisa kuJosefa kube ngubufakazi mhla edabula izwe laseGibithe, lapho ngezwa khona ulimi engingaluqondi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite