Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, ngoba mina ngenze lukhuni inhliziyo yakhe lenhliziyo yenceku zakhe ukuthi zimemezele lezi zibonakaliso zami phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, ngokuba ngenze lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezi zibonakaliso zami phakathi kwabo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:1
19 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuMose: “Uma ubuyela eGibithe, qiniseka ukuthi uyazenza phambi kukaFaro zonke lezo zibonakaliso engizinikele esandleni sakho; kodwa ngizayenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabayekeli abantu bahambe.


Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakumisela khona lokho ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe, nokuba igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.


Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe.


UNkulunkulu uyahlulela olungileyo, futhi uNkulunkulu uthukuthelele ababi nsuku zonke.


Maye kithi! ngubani oyakusikhulula esandleni salaba nkulunkulu abanamandla na? yilabo onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izinhlupho ehlane.


UFaro wayesethuma wabiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile ngalesi sikhathi; uJehova ulungile, mina nabantu bami sibabi.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Kepha uFaro akayikunilalela, ukuze ngibeke isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabutho ami nabantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, ngiphume ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.


Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga; njengalokho uJehova wakhuluma kuMose.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite