Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:9
17 Referans Kwoze  

Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.


UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.


UMose wakhuphuka entabeni, ifu lasibekela intaba.


UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, ube khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalo engiyibhalile; ukuthi ungabafundisa.


Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.


Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Okuyizinto eziyisifanekiso; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili; omunye uvela entabeni yaseSinayi, ozalela ubugqila, ongu-Agari.


Wathi: “Ungabashayi; Uyafuna ukubabulala labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho? ubeke isinkwa namanzi phambi kwabo, ukuze badle, baphuze, baye enkosini yabo.


Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo, izibhebhe zombili zesivumelwano zisesandleni sami sobabili.


Ngemva kokuba eseqedile ukukhuluma naye entabeni yaseSinayi wamnika uMose izibhebhe ezimbili zobufakazi, izibhebhe zamatshe ezilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu.


eyayinomcengezi wegolide wempepho, nomphongolo wesivumelwano unamekwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.


Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.


Lapho abantu bebona ukuthi uMose wayengehli entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Sukuma, usenzele onkulunkulu abaya kuhamba phambi kwethu; ngoba uMozisi lo, indoda eyasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite