Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:18
11 Referans Kwoze  

Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.


Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.


Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.


UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala phansi ubusuku bonke.


Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi uJehova wangilalela ngaleso sikhathi, futhi uJehova akathandanga ukunibhubhisa.


Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.


Ngase ngithatha amatafula amabili ngawalahla ezandleni zami zombili, ngawaphahlaza phambi kwamehlo enu.


Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.


Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.


U-Ezra wayesesuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJohanani indodana ka-Eliyashibi, wafika khona, akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; ngokuba walilela isiphambeko sabathunjwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite