Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 8:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 8:16
21 Referans Kwoze  

Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.


Kwathi abantwana bakoIsrayeli bekubona bathi omunye komunye: Leli yimana, ngoba babengazi ukuthi liyini. Wayesethi uMose kubo: “Lesi yisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;


Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.


Emva kwalokho uNkulunkulu wamlinga u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama! wathi: “Bheka, ngilapha.”


Wayibiza iNkosi; uJehova wambonisa umuthi awuphonsa emanzini; wabamisela khona isimiso nesimiso, wabavivinya khona.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha.


Indlu ka-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana, futhi yayimhlophe njengembewu yekoriyanderi; ukunambitheka kwayo kwakunjengezinyosi ezenziwe ngoju.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


Akumelwe nilalele amazwi alowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho, ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya ukuze azi uma nimthanda uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


Kodwa endabeni yezithunywa zezikhulu zaseBhabhiloni ezathumela kuye ukubuza ngesimangaliso esenziwa elizweni, uNkulunkulu wamtshiya ukuze amlinge, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Wena umuhle futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukubavivinya, abahlambulule, abenze mhlophe kuze kube yisikhathi sokuphela, ngokuba kusengokwesikhathi esimisiweyo.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukunivivinya, ukumesaba kube phambi kwenu, ukuze ningoni.


Ngakho uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe, ngoba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkomo, nezimbongolo eziyinkulungwane.


Ikhanzi ngeyesiliva, nesithando ngesegolide, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite